1 Ndodana yami, gcina amazwi ami,uzibekelele imiyalo yami.
2 Gcina imiyalo yami, uphile,nomthetho wami njengenhlamvu yeso lakho.
3 Yibophe eminweni yakho,uyilobe esibhebheni senhliziyo yakho.
4 Yisho kukho ukuhlakanipha:“Ungudadewethu,”ubize ukuqonda ngokuthi owazana nawe,
5 ukuze bakugcine kowesifazane ondindayo,kumfokazi owenza bushelezi amazwi akhe.
6 Ngokuba efasiteleni lendlu yami ngalunguza eheleni lami,
7 ngabheka phakathi kwabangenalwazi,ngabona phakathi kwabasha insizwa engenakuqonda,