1 Ukuhlakanipha akumemezi yini,nokuqonda akukhiphi izwi lakho na?
2 Kumi esiqongweni sezindawo eziphakemeyo,ngasendleleni phakathi kwemikhondo.
3 Ngaseceleni kwamasango,ngasekungeneni komuzi,lapho kungenwa ngeminyango,kuyamemeza ngokuthi:
4 “Ngiyanibiza nina madoda;izwi lami likumadodana abantu.