12 Mina kuhlakanipha ngakhile ekuqondeni,ngithola ukwazi namasu.
13 Ukumesaba uJehova kungukuzonda okubi;ukuzidla, nokuzikhukhumeza,nendlela embi,nomlomo wobuphoxo, ngiyakuzonda.
14 Kimina kukhona ukululeka nempumelelo;ngingukuqonda, nginamandla.
15 Amakhosi abusa ngami,nababusi bamisa ukulunga.
16 Izikhulu zibusa ngami,namakhosana, bonke abahluleli bomhlaba.
17 Ngiyathanda abangithandayo;abangifunayo bayakungifumana.
18 Ingcebo nodumo kukimi,ukunotha okumiyo nokulunga.