2 Kumi esiqongweni sezindawo eziphakemeyo,ngasendleleni phakathi kwemikhondo.
3 Ngaseceleni kwamasango,ngasekungeneni komuzi,lapho kungenwa ngeminyango,kuyamemeza ngokuthi:
4 “Ngiyanibiza nina madoda;izwi lami likumadodana abantu.
5 Qondani ukuhlakanipha nina eningenalwazi;nani ziwula,manibe nenhliziyo eqondileyo.
6 Zwanini,ngokuba ngiyakulanda okukhulu;ukukhamisa kwezindebe zami kuyakuba ngokulungileyo.
7 Ngokuba umlomo wami uyakukhuluma iqiniso;ububi buyisinengiso ezindebeni zami.
8 Onke amazwi omlomo wami asekulungeni;akukho okuyisigwegwe nokuphambeneyo kuwo.