28 Lapho enza ukuba isibhakabhaka phezulu siqine,nemithombo yotwa iphuphume ngamandla,
29 lapho emisela ulwandle umncele,ukuze amanzi angeqi izwi lakhe,nalapho emisa izisekelo zomhlaba,
30 khona nganginaye ngiyingcweti yomsebenzi,ngiyintokozo yakhe imihla ngemihla,ngijabula phambi kwakhe isikhathi sonke,
31 ngijabula ezweni lomhlaba wakhe,intokozo yami ikanye namadodana abantu.
32 “Ngalokho, bantwana, ngizweni,ngokuba babusisiwe abagcina izindlela zami.
33 Yizwani ukulaya, nihlakaniphe,ningakwenqabi.
34 Ubusisiwe umuntu ongizwayo,elinda imihla ngemihla ngasemasangweni ami,ehlala ngasezinsikeni zeminyango yami.