6 Zwanini,ngokuba ngiyakulanda okukhulu;ukukhamisa kwezindebe zami kuyakuba ngokulungileyo.
7 Ngokuba umlomo wami uyakukhuluma iqiniso;ububi buyisinengiso ezindebeni zami.
8 Onke amazwi omlomo wami asekulungeni;akukho okuyisigwegwe nokuphambeneyo kuwo.
9 Aqondile onke koqondayo;alungile kothola ukwazi.
10 Yamukelani ukufundisa kwami kunesiliva,nokwazi kunegolide elikhethekileyo.
11 Ngokuba ukuhlakanipha kuhle kunamarubi,*nakho konke okungafiswa akunakulinganiswa nakho.
12 Mina kuhlakanipha ngakhile ekuqondeni,ngithola ukwazi namasu.