10 “Ukuqala kokuhlakanipha kungukumesaba uJehova,nokumazi oNgcwele kungukuqonda.
11 Ngokuba ngami izinsuku zakho ziyakuba ziningi,neminyaka yokuphila kwakho iyakwenezelwa kuwe.
12 Uma uhlakaniphile, uzihlakaniphele;uma udelela,uyakukuthwala wena wedwa.”
13 Ubuwula bungowesifazane oyisithutha onomsindo,ongazi lutho.
14 Uhlezi ngasemnyango wendlu yakheesihlalweni ezindaweni eziphakemeyo zomuzi
15 ukuba ameme abadlula endleleni,abaqonda emikhondweni yabo,ngokuthi:
16 “Ongenalwazi makaphambukele lapha,”kongenangqondo uthi: