4 “Ongenalwazi makaphambukele lapha,”kongenangqondo kuthi:
5 “Wozani nidle isinkwa sami,niliphuze iwayini engilivubeleyo.
6 Yekani ubuwula, niphile,nihambe ngendlela yokuqonda.
7 “Osola isideleli uzithathela inhlamba;othethisa omubi uzitholela isisihla.
8 Ungathethisi isideleli, funa sikuzonde;thethisa isihlakaniphi,siyakukuthanda.
9 Siphe isihlakaniphi,siyakwanda ngokuhlakanipha;fundisa olungileyo,uyakwenezela emfundweni.
10 “Ukuqala kokuhlakanipha kungukumesaba uJehova,nokumazi oNgcwele kungukuqonda.