7 “Osola isideleli uzithathela inhlamba;othethisa omubi uzitholela isisihla.
8 Ungathethisi isideleli, funa sikuzonde;thethisa isihlakaniphi,siyakukuthanda.
9 Siphe isihlakaniphi,siyakwanda ngokuhlakanipha;fundisa olungileyo,uyakwenezela emfundweni.
10 “Ukuqala kokuhlakanipha kungukumesaba uJehova,nokumazi oNgcwele kungukuqonda.
11 Ngokuba ngami izinsuku zakho ziyakuba ziningi,neminyaka yokuphila kwakho iyakwenezelwa kuwe.
12 Uma uhlakaniphile, uzihlakaniphele;uma udelela,uyakukuthwala wena wedwa.”
13 Ubuwula bungowesifazane oyisithutha onomsindo,ongazi lutho.