18 zibuse imini nobusuku, zahlukanise ukukhanya nobumnyama. UNkulunkulu wabona ukuthi kuhle.
19 Kwaba ngukuhlwa, kwaba ngukusa, usuku lwesine.
20 UNkulunkulu wathi: “Amanzi mawagcwale uswebezane lwezilwane eziphilayo, kundize izinyoni phezu komhlaba emkhathini wezulu.”
21 UNkulunkulu wadala imikhomo emikhulu nezilwane zonke eziphilayo ezihambayo, amanzi agcwala zona ngezinhlobo zazo, nezinyoni zonke ezinamaphiko ngezinhlobo zazo. UNkulunkulu wabona ukuthi kuhle.
22 UNkulunkulu wazibusisa, wathi: “Zalani, nande, nigcwalise amanzi aselwandle, nezinyoni zande emhlabeni.”
23 Kwaba ngukuhlwa, kwaba ngukusa, usuku lwesihlanu.
24 UNkulunkulu wathi: “Umhlaba mawuveze izilwane eziphilayo ngezinhlobo zazo, izinkomo, nezilwanyana ezinwabuzelayo, nezilo zomhlaba ngezinhlobo zazo,” kwaba njalo.