Ugenesise 12 ZUL59

Ukubizwa kuka-Abrama

1 UJehova wathi ku-Abrama: “Phuma ezweni lakini, nasezihlotsheni zakho, nasendlini kayihlo, uye ezweni engiyakukukhombisa lona.

2 Ngiyakukwenza isizwe esikhulu, ngikubusise, ngenze igama lakho libe likhulu, wena ube yisibusiso.

3 Ngiyakubabusisa abakubusisayo, nokuqalekisayo ngiyakumqalekisa; imindeni yonke yomhlaba iyakubusiswa kuwe.”

4 Wayesesuka u-Abrama, njengalokho uJehova emtshelile; uLoti wahamba naye; u-Abrama wayeneminyaka engamashumi ayisikhombisa nanhlanu mhla ephuma eHarana.

5 U-Abrama wathatha uSarayi umkakhe, noLoti indodana yomfowabo, nempahla yonke ababeyibuthile, nezinceku ababezitholile eHarana; basuka ukuya ezweni laseKhanani; bafika-ke ezweni laseKhanani.

Ukufika kuka-Abrama eKhanani

6 U-Abrama wadabula izwe, waze wafika endaweni yaseShekemi nase-okini* laseMore; amaKhanani ayesekhona ezweni.

7 UJehova wabonakala ku-Abrama, wathi: “Leli zwe ngiyakulinika inzalo yakho.” Wamakhela khona i-altare uJehova owayebonakele kuye.

8 Wayesesuka lapho, waya entabeni ngasempumalanga kwaseBethele, wamisa itende lakhe, iBethele lingasentshonalanga ne-Ayi lingasempumalanga; wamakhela khona uJehova i-altare, wakhuleka egameni likaJehova.

9 Ngasemuva u-Abrama wahamba waqonda njalo ngaseningizimu.

Ukuhamba kuka-Abrama ukuya eGibithe

10 Kwakukhona indlala ezweni; u-Abrama wehlela eGibithe ukuba agogobale khona, ngokuba indlala yayinzima ezweni.

11 Kwathi esasondela ukungena eGibithe, wathi kuSarayi umkakhe: “Bheka-ke, ngiyazi ukuthi ungowesifazane omuhle, obukekayo.

12 Kuyakuthi ukuba abaseGibithe bakubone, bathi: ‘Ngumkakhe lowo,’ bazakungibulala mina, bakulonde wena.

13 Mawuthi ungudadewethu, ukuze kube kuhle kimi ngenxa yakho, umphefumulo wami uphile ngenxa yakho.”

14 Kwathi u-Abrama efika eGibithe, abaseGibithe babona owesifazane ukuthi muhle kakhulu.

15 Izinduna zikaFaro zambona, zambabaza phambi kukaFaro; owesifazane wangeniswa endlini kaFaro.

16 U-Abrama waphathwa kahle ngenxa yakhe; waba nezimvu, nezinkabi, nezimbongolo, nezinceku, nezincekukazi, nezimbongolokazi, namakamela.

17 Kepha uJehova wamshaya uFaro nendlu yakhe ngezinhlupho ezinkulu ngenxa kaSarayi umka-Abrama.

18 UFaro wayesembiza u-Abrama, wathi: “Kuyini lokho okwenze kimi na? Awungitshelanga ngani ukuthi ungumkakho na?

19 Usholoni ukuthi: ‘Ungudadewethu,’ ngize ngimthathe abe ngumkami, na? Bheka manje, nangu umkakho; mthathe, uhambe.”

20 UFaro wayala amadoda ngaye; ammukisa kanye nomkakhe nakho konke anakho.