Ugenesise 36 ZUL59

Umndeni ka-Esawu

1 Lezi ziyizizukulwane zika-Esawu ongu-Edomi.

2 U-Esawu wazithathela abafazi kuwo amadodakazi aseKhanani: u-Ada indodakazi ka-Eloni umHeti, no-Oholibama indodakazi ka-Ana, indodakazi kaSibeyoni umHivi,

3 noBasemati indodakazi ka-Ishmayeli, udadewabo kaNebayoti.

4 U-Ada wamzalela u-Esawu u-Elifazi; uBasemati wazala uRehuweli;

5 u-Oholibama wazala oJewushe, noJalamu, noKora; lawo angamadodana ka-Esawu azalelwa wona ezweni laseKhanani.

6 U-Esawu wathatha omkakhe, namadodana akhe, namadodakazi akhe, nabantu bonke bendlu yakhe, nemfuyo yakhe, nezinkomo zakhe, nempahla yonke yakhe owayeyizuze ezweni laseKhanani, waya ezweni elikude nomfowabo uJakobe.

7 Ngokuba imfuyo yabo yayiyinkulu kunokuba bahlale ndawonye, nezwe lokugogobala kwabo lalingenakubathwala ngenxa yemfuyo yabo.

8 U-Esawu wahlala entabeni yaseSeyiri; u-Esawu ungu-Edomi.

9 Lezi ziyizizukulwane zika-Esawu uyise wabakwa-Edomi entabeni yaseSeyiri.

10 Nanka amagama amadodana ka-Esawu: Ngu-Elifazi indodana ka-Ada umka-Esawu, noRehuweli indodana kaBasemati umka-Esawu.

11 Amadodana ka-Elifazi ayengoThemani, no-Omari, noSefo, noGathamu, noKenazi.

12 UThimna wayeyisancinza sika-Elifazi indodana ka-Esawu; wamzalela u-Elifazi u-Amaleki; yilawo angamadodana ka-Ada umka-Esawu.

13 Lawa angamadodana kaRehuweli: ngoNahati, noZera, noShama, noMiza; yilawo angamadodana kaBasemati umka-Esawu.

14 Lawa angamadodana ka-Oholibama indodakazi ka-Ana, indodakazi kaSibeyoni, umka-Esawu: wamzalela u-Esawu oJewushe, noJalamu, noKora.

15 Laba bangabanumzane bamadodana ka-Elifazi izibulo lika-Esawu: Ngumnumzane uThemani, nomnumzane u-Omari, nomnumzane uSefo, nomnumzane uKenazi,

16 nomnumzane uKora, nomnumzane uGathamu, nomnumzane u-Amaleki; yilabo abangabanumzane abavela ku-Elifazi ezweni lakwa-Edomi; yilawo angamadodana ka-Ada.

17 Lawa angamadodana kaRehuweli indodana ka-Esawu: ngumnumzane uNahati, nomnumzane uZera, nomnumzane uShama, nomnumzane uMiza; yilabo abangabanumzane abavela kuRehuweli ezweni lakwa-Edomi; yilawo angamadodana kaBasemati umka-Esawu.

18 Lawa angamadodana ka-Oholibama umka-Esawu: ngumnumzane uJewushe, nomnumzane uJalamu, nomnumzane uKora; yilabo abangabanumzane abavela ku-Oholibama indodakazi ka-Ana umka-Esawu.

19 Yilawo angamadodana ka-Esawu; labo bangabanumzane bawo; yena ungu-Edomi.

Inzalo kaSeyiri

20 Lawa angamadodana kaSeyiri umHori ayakhe kulelo zwe: ngoLothani, noShobali, noSibeyoni, no-Ana,

21 noDishoni, no-Eseri, noDishani; labo bangabanumzane abavela kuwo amaHori, abantwana bakaSeyiri ezweni lakwa-Edomi.

22 Amadodana kaLothani ayengoHori noHemamu; udadewabo kaLothani wayenguThimna.

23 Lawa angamadodana kaShobali: ngo-Alevani, noManahati, no-Ebali, noShefo, no-Onamu.

24 Lawa angamadodana kaSibeyoni: ngo-Aya, no-Ana; nguyena lowo Ana owafumana imithombo eshisayo ehlane, ezalusa izimbongolo zikaSibeyoni uyise.

25 Laba bangabantwana baka-Ana: ngoDishoni no-Oholibama indodakazi ka-Ana.

26 Lawa angamadodana kaDishoni: ngoHemdani, no-Eshibani, noJitrani, noKerani.

27 Lawa angamadodana ka-Eseri: ngoBilihani, noZahawana, no-Akani.

28 Lawa angamadodana kaDishani: ngo-Use no-Arana.

29 Laba bangabanumzane abavela kuwo amaHori: ngumnumzane uLothani, nomnumzane uShobali, nomnumzane uSibeyoni, nomnumzane u-Ana,

30 nomnumzane uDishoni, nomnumzane u-Eseri, nomnumzane uDishani; yilabo abangabanumzane abavela kuwo amaHori, abanumzane ngabanumzane ezweni laseSeyiri.

31 Lawa angamakhosi ayebusa ezweni lakwa-Edomi, kungakabusi nkosi kwabakwa-Israyeli.

32 UBela indodana kaBeyori wabusa kwabakwa-Edomi; igama lomuzi wakhe laliyiDinihaba.

33 Wafa uBela; uJobabi indodana kaZera waseBosira waba yinkosi esikhundleni sakhe.

34 Wafa uJobabi; uHushamu wasezweni labakwaThemani waba yinkosi esikhundleni sakhe.

35 Wafa uHushamu; uHadadi indodana kaBedadi owanqoba abakwaMidiyani ethafeni lakwaMowabi waba yinkosi esikhundleni sakhe; igama lomuzi wakhe laliyi-Aviti.

36 Wafa uHadadi; uSamla waseMasireka waba yinkosi esikhundleni sakhe.

37 Wafa uSamla; uShawule waseRehoboti ngasemfuleni waba yinkosi esikhundleni sakhe.

38 Wafa uShawule; uBali Hanani indodana ka-Akibori waba yinkosi esikhundleni sakhe.

39 Wafa uBali Hanani indodana ka-Akibori; uHadari waba yinkosi esikhundleni sakhe; igama lomuzi wakhe laliyiPhawu; igama lomkakhe lalinguMehetabeli indodakazi kaMatiredi, indodakazi kaMezahabi.

40 Lawa angamagama abanumzane abavela ku-Esawu ngemindeni yabo, nangezindawo zabo, nangamagama abo: ngumnumzane uThimna, nomnumzane u-Aliva, nomnumzane uJeteti,

41 nomnumzane u-Oholibama, nomnumzane u-Ela, nomnumzane uPhinoni,

42 nomnumzane uKenazi, nomnumzane uThemani, nomnumzane uMibisari,

43 nomnumzane uMagidiyeli, nomnumzane u-Iramu; yilabo abangabanumzane bakwa-Edomi ngokwakha kwabo ezweni elaliyifa labo; nguyena u-Esawu uyise wabakwa-Edomi.