Ugenesise 48 ZUL59

UJakobe ubusisa uJosefa namadodana akhe

1 Kwathi emva kwalezo zinto kwathiwa kuJosefa: “Bheka, uyihlo uyagula.” Wayesethatha amadodana akhe omabili, oManase no-Efrayimi.

2 Kwase kushiwo kuJakobe ukuthi: “Bheka, indodana yakho uJosefa iyeza kuwe.” Wayeseziqinisa u-Israyeli, wahlala embhedeni.

3 UJakobe wathi kuJosefa: “UNkulunkulu uSomandla wabonakala kimi eLuze ezweni laseKhanani, wangibusisa,

4 wathi kimi: ‘Bheka, ngizakukuchumisa, ngikwandise, ngikwenze izizwe eziningi, ngiyiphe inzalo yakho leli zwe emva kwakho libe yifa elingunaphakade.’

5 “Manje amadodana akho amabili owazalelwa wona ezweni laseGibithe, ngingakafiki kuwe eGibithe, angawami; o-Efrayimi noManase njengoRubeni noSimeyoni bazakuba ngabami.

6 Kepha inzalo yakho oyizala emva kwabo izakuba ngeyakho; iyakubizwa ngegama labafowabo efeni lalabo.

7 Kepha mina ekusukeni kwami ePhadani Aramu ngafelwa nguRaheli endleleni ezweni laseKhanani, kuse yibangana ukuya e-Efrati; ngammbela khona endleleni eya e-Efrati” (eliyiBetlehema).

8 U-Israyeli wabona amadodana kaJosefa, wathi: “Ngobani laba na?”

9 UJosefa wathi kuye: “Ngamadodana ami angiphe wona lapha uNkulunkulu.”Wayesethi: “Ake uwalethe kimi, ngiwabusise.”

10 Kepha amehlo ka-Israyeli ayefiphele ngobudala, engasenakubona; wawasondeza kuye; wawanga, wawagona.

11 Wayesethi u-Israyeli kuJosefa: “Ngangingacabanganga ukuthi ngizakubona ubuso bakho; bheka, uNkulunkulu ungibonise nenzalo yakho.”

12 UJosefa wawakhipha emathangeni akhe; wakhothama, ubuso bakhe bubheke phansi.

13 UJosefa wayesebathatha bobabili, u-Efrayimi ngesokunene, engakwesokhohlo sika-Israyeli, noManase ngesokhohlo, engakwesokunene sika-Israyeli, wabasondeza kuye.

14 U-Israyeli wayeselula isandla sakhe sokunene, wasibeka ekhanda lika-Efrayimi, kanti ungomncane, nesokhohlo ekhanda likaManase, ephambanisa izandla zakhe, ngokuba uManase wayeyizibulo.

15 Wambusisa uJosefa, wathi:“UNkulunkulu abahamba ebusweni bakheobaba o-Abrahama no-Isaka,uNkulunkulu ongondlile konke ukuhamba kwamikuze kube namuhla,

16 ingelosi engisindise ebubini bonke mayibusise abafana;mababizwe ngegama lami nangegama lawobaba o-Abrahama no-Isaka;mabande, babe baningi phakathi kwezwe.”

17 Wabona uJosefa ukuthi uyise wabeka isandla sakhe sokunene ekhanda lika-Efrayimi, kwaba kubi emehlweni akhe; wasibamba isandla sikayise ukuba asisuse ekhanda lika-Efrayimi, asibeke ekhanda likaManase.

18 Wayesethi uJosefa kuyise: “Kungabi njalo, ngokuba lo uyizibulo; beka esokunene sakho ekhanda lakhe.”

19 Kepha uyise wala, wathi: “Ngiyazi, ndodana yami, ngiyazi; naye uyakuba yisizwe, abe mkhulu naye; kodwa umfowabo uyakuba mkhulu kunaye, inzalo yakhe ibe yizizwe eziningi.”

20 Wayesebabusisa ngalolo suku ngokuthi:“Ngawe u-Israyeli uyakubusisa ethi:‘UNkulunkulu makakwenzeube njengo-Efrayimi nanjengoManase.’ ”Wayesembeka-ke u-Efrayimi ngaphambi kukaManase.

21 Wayesethi u-Israyeli kuJosefa: “Bheka, mina ngiyafa, kepha uNkulunkulu uyakuba nani, anibuyisele ezweni lawoyihlo.

22 Wena ngikunike olunye ukhalo ngaphezu kwabafowenu engaluthatha esandleni sama-Amori ngenkemba yami nangomnsalo wami.”