Ugenesise 49 ZUL59

UJakobe ubusisa amadodana akhe

1 UJakobe wabiza amadodana akhe, wathi: “Buthanani, nginitshele okuzakunehlela ezinsukwini ezizayo.

2 “Qoqanani, nizwe,nina madodana kaJakobe,nimlalele u-Israyeli uyihlo.

3 “Rubeni, uyizibulo lami wena,amandla ami,ukuqala kwezikhwepha zami,ingqongqo ngesithunzi,ingqongqo ngamandla.

4 Uyachichima njengamanzi,awuyikuba nabungqongqo,ngokuba wakhwela embhedeni kayihlo, wawona;wakhwela okhukhweni lwami.

5 “OSimeyoni noLevi bayizelamani;izinkemba zabo ziyizikhali zobudlwangudlwangu.

6 Ungangeni emkhandlwini wabo,mphefumulo wami;ungahlangani nebandla labo,nhliziyo yami,ngokuba ngolaka lwabo babulala abantu;ngobudlova babo basika izinkabi umsipha.

7 Makuqalekiswe ulaka lwabo, ngokubalwalunamandla,nentukuthelo yabo,ngokuba yayinonya;ngizakubahlukanisa kwaJakobe,ngibasakaze kwa-Israyeli.

8 “Juda,abafowenu bazakukudumisa wena;isandla sakho siyakuba sesijingweni sezitha zakho;amadodana kayihlo ayakukukhothamela.

9 UJuda uyibhongo lengonyama.Wenyuke empangweni,ndodana yami.Uguqile, ulele njengengonyama nanjengengonyamakazi;ngubani oyakumvusa na?

10 Intonga yobukhosi ayiyikusuka kuJuda,nozime lokubusa phakathi kwezinyawo zakhe,aze afike yena olufanele lona;nezizwe ziyakumlalela.

11 Ubopha ithole lembongolo yakhe emvinini,ithole lembongolokazi yakhe emvinini omuhle;uhlanza izingubo zakhe ewayinini,nezambatho zakhe egazini lezithelo zomvini.

12 Amehlo akhe ayaklwela iwayini,amazinyo akhe amhlophe ubisi.

13 “UZebuloni uyakwakha ngasogwini lolwandle,abe sosebeni lwemikhumbi;umkhawulo wakhe uzakuba ngaseSidoni.

14 “U-Isakare uyimbongolo enamandla,elala phakathi kwezibaya.

15 Wabona indawo yakuphumula ukuthi inhle,nezwe ukuthi limnandi;wafolisa ihlombe ukuba athwale,waba yinceku yempoqo.

16 “UDani uyakuthetha amacala abantu bakhe,njengesinye sezizwe zakwa-Israyeli.

17 UDani uyakuba yinyoka endleleni,inhlangwana emkhondweni eluma izithende zehhashi,awe nyovane olikhweleyo.

18 “Ngiyihalele insindiso yakho, Jehova.

19 “UGadi, iviyo liyakumcindezela,kepha yena uyakucindezela isithende salo.

20 “Ku-Asheri kuvela amanoni abe ngukudla kwakhe;uyakuveza isilovela samakhosi.

21 UNafetali uyindluzelekazi ethukululekileyo;uveza amazwi amnandi.

22 “UJosefa uyingatsha entsha ethelayo,ingatsha ethela ngasemthonjeni;amagatsha akhe akhwela odongeni.

23 Abacibishelayo bayamkhathaza,bayamdubula, bayamzingela;

24 kepha umnsalo wakhe uhlala uqinile;amandla ezandla zakhe aqiniswangezandla zoMninimandla kaJakobe,okuvela kuye uMalusi netshe lika-Israyeli,

25 ngoNkulunkulu kayihlo ozakukusiza,ngoSomandla ozakukubusisangezibusiso zasezulwini phezulu,nangezibusiso zasotweni olukhona phansi,nangezibusiso zamabele nezesizalo.

26 Izibusiso zikayihlo zinamandlakunezibusiso zawokhokho bami,kuze kube semkhawulweni wokugcina wezintaba ezimiyo;ziyakuba phezu kwekhanda likaJosefa phakade,nasokhakhayini lwakhe owahlukaniswa nabafowabo.

27 “UBenjamini uyimpisi ehomfuzayo;ekuseni uyadla impango,kusihlwa uyahlukanisa akuphangileyo.”

28 Bonke labo bayizizwe eziyishumi nambili zakwa-Israyeli; yilokhu uyise akukhuluma kubo, wababusisa; wababusisa, kwaba yilowo ngokwesibusiso sakhe.

29 Wabayala, wathi kubo: “Mina sengiyakubuthelwa kubantu bami; ngimbeleni kobaba emhumeni osensimini ka-Efroni umHeti,

30 umhume osensimini yaseMakaphela eliphambi kweMamre ezweni laseKhanani, awuthenga u-Abrahama kanye nensimu ku-Efroni umHeti, ube yindawo yakhe yokumbela;

31 lapho bembela o-Abrahama noSara umkakhe; lapho bembela o-Isaka noRebeka umkakhe; lapho ngembela uLeya;

32 insimu nomhume okuyo okwathengwa kubantwana bakwaHeti.”

33 UJakobe eseqedile ukuyala amadodana akhe waqoqela izinyawo zakhe embhedeni, wagqibuka, wabuthelwa kubantu bakhe.