16 U-Ebere wahamba iminyaka engamashumi amathathu nane, wazala uPhelege.
17 Emva kokuzalwa kukaPhelege u-Ebere wahamba iminyaka engamakhulu amane namashumi amathathu, wazala amadodana namadodakazi.
18 UPhelege wahamba iminyaka engamashumi amathathu, wazala uRehu.
19 Emva kokuzalwa kukaRehu uPhelege wahamba iminyaka engamakhulu amabili nesishiyagalolunye, wazala amadodana namadodakazi.
20 URehu wahamba iminyaka engamashumi amathathu nambili, wazala uSerugi.
21 Emva kokuzalwa kukaSerugi uRehu wahamba iminyaka engamakhulu amabili nesikhombisa, wazala amadodana namadodakazi.
22 USerugi wahamba iminyaka engamashumi amathathu, wazala uNahori.