22 USerugi wahamba iminyaka engamashumi amathathu, wazala uNahori.
23 Emva kokuzalwa kukaNahori uSerugi wahamba iminyaka engamakhulu amabili, wazala amadodana namadodakazi.
24 UNahori wahamba iminyaka engamashumi amabili nesishiyagalolunye, wazala uThera.
25 Emva kokuzalwa kukaThera uNahori wahamba iminyaka eyikhulu neshumi nesishiyagalolunye, wazala amadodana namadodakazi.
26 UThera wahamba iminyaka engamashumi ayisikhombisa, wazala o-Abrama, noNahori, noHarana.
27 Lezi ziyizizukulwane zikaThera.UThera wazala o-Abrama, noNahori, noHarana; uHarana wazala uLoti.
28 UHarana wafa phambi kukayise uThera ezweni lokuzalwa kwakhe, i-Uri lamaKaledi.