23 Emva kokuzalwa kukaNahori uSerugi wahamba iminyaka engamakhulu amabili, wazala amadodana namadodakazi.
24 UNahori wahamba iminyaka engamashumi amabili nesishiyagalolunye, wazala uThera.
25 Emva kokuzalwa kukaThera uNahori wahamba iminyaka eyikhulu neshumi nesishiyagalolunye, wazala amadodana namadodakazi.
26 UThera wahamba iminyaka engamashumi ayisikhombisa, wazala o-Abrama, noNahori, noHarana.
27 Lezi ziyizizukulwane zikaThera.UThera wazala o-Abrama, noNahori, noHarana; uHarana wazala uLoti.
28 UHarana wafa phambi kukayise uThera ezweni lokuzalwa kwakhe, i-Uri lamaKaledi.
29 O-Abrama noNahori bazithathela abafazi; igama lomka-Abrama lalinguSarayi; igama lomkaNahori lalinguMilka, indodakazi kaHarana, uyise kaMilka noyise kaJiska.