24 UNahori wahamba iminyaka engamashumi amabili nesishiyagalolunye, wazala uThera.
25 Emva kokuzalwa kukaThera uNahori wahamba iminyaka eyikhulu neshumi nesishiyagalolunye, wazala amadodana namadodakazi.
26 UThera wahamba iminyaka engamashumi ayisikhombisa, wazala o-Abrama, noNahori, noHarana.
27 Lezi ziyizizukulwane zikaThera.UThera wazala o-Abrama, noNahori, noHarana; uHarana wazala uLoti.
28 UHarana wafa phambi kukayise uThera ezweni lokuzalwa kwakhe, i-Uri lamaKaledi.
29 O-Abrama noNahori bazithathela abafazi; igama lomka-Abrama lalinguSarayi; igama lomkaNahori lalinguMilka, indodakazi kaHarana, uyise kaMilka noyise kaJiska.
30 USarayi wayeyinyumba, engenamntwana.