25 Emva kokuzalwa kukaThera uNahori wahamba iminyaka eyikhulu neshumi nesishiyagalolunye, wazala amadodana namadodakazi.
26 UThera wahamba iminyaka engamashumi ayisikhombisa, wazala o-Abrama, noNahori, noHarana.
27 Lezi ziyizizukulwane zikaThera.UThera wazala o-Abrama, noNahori, noHarana; uHarana wazala uLoti.
28 UHarana wafa phambi kukayise uThera ezweni lokuzalwa kwakhe, i-Uri lamaKaledi.
29 O-Abrama noNahori bazithathela abafazi; igama lomka-Abrama lalinguSarayi; igama lomkaNahori lalinguMilka, indodakazi kaHarana, uyise kaMilka noyise kaJiska.
30 USarayi wayeyinyumba, engenamntwana.
31 UThera wathatha u-Abrama indodana yakhe, noLoti indodana kaHarana, indodana yendodana yakhe, noSarayi umalokazana wakhe, umka-Abrama indodana yakhe, waphuma nabo e-Uri lamaKaledi ukuya ezweni laseKhanani; bafika eHarana, bakha khona.