4 Bathi: “Wozani, asakhe umuzi nombhoshongo osiqongo sawo sisezulwini, sizenzele igama, funa sihlakazeke ebusweni bomhlaba wonke.”
5 UJehova wehla ukuba abone umuzi nombhoshongo okwakhiwa ngabantwana babantu.
6 UJehova wathi: “Bheka, bonke basizwe sinye nolimi lunye; yikho abaqala ngakho; manje abayikunqanyulelwa lutho abahlosa ukulwenza.
7 Wozani sehle, siye ukusanganisa ulimi lwabo ukuba bangezwani, kube yilowo nalowo ulimi lomunye.”
8 Kanjalo uJehova wabahlakazela emhlabeni wonke, bephuma lapho; bayeka ukwakha umuzi.
9 Ngalokho igama lawo lathiwa iBabele,* ngokuba uJehova wasanganisa khona ulimi lomhlaba wonke; wabahlakazela emhlabeni wonke.
10 Lezi ziyizizukulwane zikaShemi; uShemi wayeneminyaka eyikhulu, wazala u-Arpakishade iminyaka emibili emva kukazamcolo.