1 U-Abrama wakhuphuka eGibithe kanye nomkakhe nakho konke anakho, uLoti enaye, waya ngaseningizimu.
2 U-Abrama wayefuyile kakhulu izinkomo, nesiliva, negolide.
3 Kuzo izinkambo zakhe wasuka eningizimu, wafika eBethele, leyo ndawo lapho lalikhona itende lakhe kuqala, phakathi kweBethele ne-Ayi,
4 indawo ye-altare abelenzile khona kuqala; u-Abrama wakhuleka lapho egameni likaJehova.
5 Naye uLoti owahamba no-Abrama wayenezimvu, nezinkomo, namatende.
6 Izwe lalingenakubanela ukuba bahlale ndawonye, ngokuba impahla yabo yayiningi kunokuba bahlale ndawonye.
7 Kwavela ukuxabana phakathi kwabelusi bezinkomo zika-Abrama nabelusi bezinkomo zikaLoti; amaKhanani namaPherizi ayehlala khona ezweni.