5 Naye uLoti owahamba no-Abrama wayenezimvu, nezinkomo, namatende.
6 Izwe lalingenakubanela ukuba bahlale ndawonye, ngokuba impahla yabo yayiningi kunokuba bahlale ndawonye.
7 Kwavela ukuxabana phakathi kwabelusi bezinkomo zika-Abrama nabelusi bezinkomo zikaLoti; amaKhanani namaPherizi ayehlala khona ezweni.
8 U-Abrama wathi kuLoti: “Akungabikho ukuxabana phakathi kwami nawe naphakathi kwabelusi bami nabelusi bakho, ngokuba singabazalwane.
9 Izwe lonke alisobala ebusweni bakho na? Mawuhlukane nami; uma uya ngakwesokhohlo, ngiyakuya ngakwesokunene; uma uya ngakwesokunene, ngiyakuya ngakwesokhohlo.”
10 ULoti waphakamisa amehlo akhe, wabona ukuthi ithafa lonke laseJordani lalinamanzi lonke; uJehova engakachithi iSodoma neGomora, lalinjengensimu kaJehova nanjengezwe laseGibithe kwaze kwaba seSowari.
11 ULoti wakhetha ithafa lonke laseJordani; uLoti wasuka waya ngasempumalanga; bahlukana omunye nomunye.