16 Wabuyisa yonke impahla, wambuyisa noLoti umzalwane wakhe, nempahla yakhe, nabesifazane, nabantu.
17 Emva kokubuya kwakhe ekunqobeni uKedorlawomere namakhosi anaye yaphuma inkosi yaseSodoma, yaya ukumhlangabeza esiGodini saseShave esiyisiGodi seNkosi.
18 UMelkisedeki inkosi yaseSalema waletha isinkwa newayini; wayengumpristi kaNkulunkulu oPhezukonke.
19 Wambusisa wathi: “U-Abrama makabusiswe nguNkulunkulu oPhezuknke, umdali wezulu nomhlaba.
20 Makabongwe uNkulunkulu oPhezukonke onike izitha zakho esandleni sakho.” U-Abrama wamnika okweshumi kwakho konke.
21 Inkosi yaseSodoma yathi ku-Abrama: “Ngiphe abantu, uzithathele impahla.”
22 Kepha u-Abrama wathi enkosini yaseSodoma: “Ngiyaphakamisela isandla sami kuJehova, uNkulunkulu oPhezukonke, umdali wezulu nomhlaba,