9 Balwa noKedorlawomere inkosi yase-Elamu, noTidali inkosi yezizwe, no-Amrafeli inkosi yaseShineyari, no-Ariyoki inkosi yase-Elasare; amakhosi amane alwa nayisihlanu.
10 IsiGodi saseSidimi sasigcwele imigodi yebitume;* inkosi yaseSodoma neyaseGomora abaleka, awela kuyo; abaseleyo babalekela entabeni.
11 Bathatha yonke impahla yaseSodoma neyaseGomora kanye nakho konke ukudla, bamuka.
12 Bamthatha uLoti indodana yomfowabo ka-Abrama owayehlala eSodoma kanye nempahla yakhe, bamuka.
13 Kepha kweza ophunyukileyo, wamtshela u-Abrama umHeberu, ngokuba wayehlala ngasema-okini* kaMamre umAmori, umfowabo ka-Eshikoli nomfowabo ka-Anere; labo babehlangene no-Abrama.
14 Nxa u-Abrama esezwile ukuthi umzalwane wakhe uLoti uthunjiwe, wabutha izinceku zakhe ezifundisiweyo ebezizelwe endlini yakhe, ezingamakhulu amathathu neshumi nesishiyagalombili, wabaxosha kwaze kwaba kwaDani.
15 Wazahlukanisa ebusuku izinceku zakhe, wabahlasela, wabanqoba, wabaxosha, waze wafika eHoba elingasenyakatho kwaseDamaseku.