12 Uyakuba ngumuntu onjengembongolo engathanjisiwe, isandla sakhe simelane nabo bonke, nesandla sabo bonke simelane naye, ahlale ngasempumalanga kwabafowabo bonke.”
13 Wamqamba uJehova owayekhulume kuye igama lokuthi: “Wena unguNkulunkulu Obonayo,” ngokuba wathi: “Imbala ngimbonile ongibonayo na?”
14 Ngalokho umthombo wabizwa ngokuthi iBeri Lahayi Royi;* bheka, uphakathi kweKadeshi neBeredi.
15 UHagari wamzalela u-Abrama indodana; u-Abrama waqamba igama lendodana yakhe ayizalayo uHagari ngokuthi u-Ishmayeli.
16 U-Abrama wayeneminyaka engamashumi ayisishiyagalombili nesithupha mhla uHagari emzalela u-Abrama u-Ishmayeli.