1 U-Abrama eneminyaka engamashumi ayisishiyagalolunye nesishiyagalolunye uJehova wabonakala ku-Abrama, wathi kuye: “NginguNkulunkulu uSomandla; hamba phambi kwami ungenacala.
2 Ngiyakwenza isivumelwano sami phakathi kwami nawe, ngikwandise kakhulu.”
3 U-Abrama wayesewa ngobuso bakhe; uNkulunkulu wakhuluma naye, wathi:
4 “Bheka, ngokwami isivumelwano sami sikuwe; uyakuba nguyise wezizwe eziningi.
5 Igama lakho alisayikuthiwa u-Abrama, kepha igama lakho lizakuba ngu-Abrahama, ngokuba ngikwenzile uyise wezizwe eziningi.