21 Wathi kuye: “Bheka, nakule nto ngiyakukuvumela; angiyikuwuchitha lo muzi okhuluma ngawo.
22 Kepha shesha ubalekele khona, ngokuba ngingenze lutho, ungakafiki khona.” Ngalokho umuzi wabizwa ngokuthi iSowari.*
23 Ilanga laphumela emhlabeni, uLoti esangena eSowari.
24 Khona uJehova wanisa phezu kweSodoma naphezu kweGomora isibabule nomlilo, kuvela kuJehova ezulwini.
25 Wachitha leyo mizi nethafa lonke, nabo bonke abakhe emizini, nalokho okuhlumayo emhlabathini.
26 Kepha umkakhe wabheka emva kwakhe, waba yinsika kasawoti.
27 U-Abrahama wavuka ekuseni, waya endaweni lapho akade emi khona ebusweni bukaJehova.