24 Khona uJehova wanisa phezu kweSodoma naphezu kweGomora isibabule nomlilo, kuvela kuJehova ezulwini.
25 Wachitha leyo mizi nethafa lonke, nabo bonke abakhe emizini, nalokho okuhlumayo emhlabathini.
26 Kepha umkakhe wabheka emva kwakhe, waba yinsika kasawoti.
27 U-Abrahama wavuka ekuseni, waya endaweni lapho akade emi khona ebusweni bukaJehova.
28 Wabheka ngaseSodoma naseGomora nasezweni lonke lethafa, wabona, bheka, isisi sezwe senyuka njengomusi weziko.
29 Kwathi lapho uNkulunkulu ebhubhisa imizi yasethafeni, uNkulunkulu wakhumbula u-Abrahama, waphumisa uLoti ekuchithekeni mhla ebhubhisa imizi ayehlezi kuyo uLoti.
30 ULoti wakhuphuka eSowari, waya wahlala entabeni kanye namadodakazi akhe omabili, ngokuba wesaba ukuhlala eSowari; wahlala emhumeni namadodakazi akhe amabili.