29 Kwathi lapho uNkulunkulu ebhubhisa imizi yasethafeni, uNkulunkulu wakhumbula u-Abrahama, waphumisa uLoti ekuchithekeni mhla ebhubhisa imizi ayehlezi kuyo uLoti.
30 ULoti wakhuphuka eSowari, waya wahlala entabeni kanye namadodakazi akhe omabili, ngokuba wesaba ukuhlala eSowari; wahlala emhumeni namadodakazi akhe amabili.
31 Enkulu yayisithi kwencane: “Ubaba usemdala; akukho ndoda ezweni engangena kithi njengokwenza komhlaba wonke.
32 Woza simphuzise ubaba iwayini, silale naye ukuba sizizuzele inzalo kubaba.”
33 Ngalobo busuku ayesemphuzisa uyise iwayini; enkulu yangena yalala noyise, engazi ukulala kwayo nokuvuka kwayo.
34 Kwathi ngangomuso enkulu yathi kwencane: “Bheka, bengilele nobaba izolo; asimphuzise iwayini nangalobu busuku, ungene wena, ulale naye ukuba sizizuzele inzalo kubaba.”
35 Ayesemphuzisa uyise iwayini nangalobo busuku; encane yasuka yalala naye, engazi ukulala kwayo nokuvuka kwayo.