5 Bambiza uLoti, bathi kuye: “Aphi lawa madoda angenise kuwe ebusuku na? Sikhiphele wona ukuba siwazi.”
6 ULoti waphumela kubo ngasemnyango, wavala umnyango emva kwakhe.
7 Wathi: “Bafowethu, ningoni.
8 Bhekani, nginamadodakazi amabili angayazi ndoda; ake nginiphumisele wona, nenze kuwo njengokufanele emehlweni enu; kepha kulawa madoda ningenzi lutho, ngokuba angene emthunzini wophahla lwami.”
9 Bathi: “Suka lapha!” Bathi futhi: “Lo muntu oyedwa wafika ukuba agogobale; usefuna ukwahlulela; manje siyakukuhlupha wena kunabo.” Bamcindezela kakhulu lo muntu uLoti, basondela ukuba bafohloze umnyango.
10 Khona amadoda azelula izandla, ambuyisela uLoti endlini, avala umnyango.
11 Amadoda ayephandle kwendlu awashaya ngobumpumputhe, amancane namakhulu, aze akhathala ukufuna umnyango.