9 Bathi: “Suka lapha!” Bathi futhi: “Lo muntu oyedwa wafika ukuba agogobale; usefuna ukwahlulela; manje siyakukuhlupha wena kunabo.” Bamcindezela kakhulu lo muntu uLoti, basondela ukuba bafohloze umnyango.
10 Khona amadoda azelula izandla, ambuyisela uLoti endlini, avala umnyango.
11 Amadoda ayephandle kwendlu awashaya ngobumpumputhe, amancane namakhulu, aze akhathala ukufuna umnyango.
12 Ayesethi amadoda kuLoti: “Unobani futhi lapha na? Umkhwenyana, namadodana akho, namadodakazi akho, nabo bonke onabo emzini baphumise kule ndawo,
13 ngokuba siyakuyichitha le ndawo, lokhu isikhalo sabo sesisikhulu ebusweni bukaJehova; uJehova usithumile ukuba siyichithe.”
14 Wayesephuma uLoti, wakhuluma nabakhwenyana bakhe ababeyakuthatha amadodakazi akhe, wathi: “Sukani niphume kule ndawo, ngokuba uJehova uyakuchitha umuzi.” Kepha wayenjengontelayo emehlweni abakhwenyana bakhe.
15 Kusantwela izingelosi zamsheshisa uLoti, zathi: “Vuka uthathe umkakho, namadodakazi akho omabili onawo, funa ubhujiswe ngenxa yobubi bomuzi.”