10 E-Edene kwavela umfula owamanzisa insimu; wahlukana khona, waba yizimbaxa ezine.
11 Eyokuqala inegama lokuthi iPishoni; yiyo ezungeza izwe lonke laseHavila, lapho kukhona igolide.
12 Lihle igolide lalelo zwe. Kukhona nenhlaka yebedola* netshe leshohamu* lapho.
13 Igama leyesibili linguGihoni; yiyo ezungeza lonke izwe laseKushe.
14 Igama leyesithathu linguHidekeli; yiyo egobhoza ngasempumalanga kwase-Asiriya. Eyesine ingu-Ewufrathe.
15 UJehova uNkulunkulu wayesemthatha umuntu, wambeka ensimini yase-Edene ukuba ayilime, ayigcine.
16 UJehova uNkulunkulu wamyala umuntu, wathi: “Ungadla kuyo yonke imithi yensimu ngokuthanda kwakho,