21 UJehova uNkulunkulu wamehlisela umuntu ubuthongo obunzima, walala; wayesethatha olunye lwezimbambo zakhe, wavala indawo ngenyama.
22 UJehova uNkulunkulu wakha owesifazane ngobambo abeluthathile kumuntu, wamyisa kumuntu.
23 Wayesethi umuntu: “Lo useyithambo lamathambo ami nenyama yenyama yami; uyakubizwa ngokuthi indodakazi, ngokuba uthathwe endodeni.”
24 Ngalokho indoda iyakushiya uyise nonina, inamathele kumkayo; bayakuba nyamanye.
25 Babehamba ze bobabili, u-Adamu* nomkakhe, bengenamahloni.