19 UNkulunkulu wavula amehlo akhe, wabona umthombo wamanzi, waya, wagcwalisa imvaba ngamanzi, wamphuzisa umfana.
20 UNkulunkulu wayenaye umfana; wakhula, wahlala ehlane, waba ngophethe umnsalo.
21 Wahlala ehlane lasePharanu; unina wamthathela umfazi ezweni laseGibithe.
22 Kwathi ngaleso sikhathi u-Abimeleki noPikoli, induna yempi yakhe, bakhuluma ku-Abrahama, bathi: “UNkulunkulu unawe kukho konke okwenzayo.
23 Ngalokho ngithembise lapha ngokufunga uNkulunkulu ukuthi awuyikungikhohlisa mina nendodana yami nomzukulwana wami; kepha ngokomusa engiwenzile kuwe, mawuwenze nakimi nakulo izwe osugogobele kulo.”
24 U-Abrahama wathi: “Ngizakufunga.”
25 Kepha u-Abrahama wamsola u-Abimeleki ngomthombo wamanzi ebeziwuqhwagile izinceku zika-Abimeleki.