1 Ukuhamba kukaSara kwaba yiminyaka eyikhulu namashumi amabili nesikhombisa; yileyo iminyaka yokuhamba kukaSara.
2 USara wafela eKiriyati Araba okuyiHebroni ezweni laseKhanani; u-Abrahama wafika ukumlilela uSara nokumkhalela.
3 U-Abrahama wasuka kofileyo wakhe, wakhuluma nabantwana bakwaHeti, wathi:
4 “Ngingumfokazi nozulane phakathi kwenu; ngipheni indawo yethuna phakathi kwenu ukuba ngimmbele ofileyo wami, angabikho ebusweni bami.”
5 Abantwana bakwaHeti baphendula u-Abrahama, bathi kuye: