13 Wakhuluma ku-Efroni ezindlebeni zabantu balelo zwe, wathi: “Ake ungilalele: ngizakukunika imali yensimu; yamukele kimi, ngimmbele khona ofileyo wami.”
14 U-Efroni wamphendula u-Abrahama, wathi kuye:
15 “Nkosi yami, ngilalele: izwe elilingene namashekeli* angamakhulu amane esiliva liyini phakathi kwami nawe na? Mmbele ofileyo wakho.”
16 U-Abrahama wamuzwa u-Efroni; u-Abrahama wamlinganisela u-Efroni isiliva abelishilo ezindlebeni zabantwana bakwaHeti, amashekeli angamakhulu amane esiliva, avunywa ngabathengisi.
17 Kanjalo insimu ka-Efroni yaseMakaphela elingaphambi kweMamre, insimu nomhume okuyo, nemithi yonke esensimini nxazonke kuze kube semikhawulweni yonke
18 kwaba yinzuzo ka-Abrahama emehlweni abantwana bakwaHeti phambi kwabo bonke abangena esangweni lomuzi wakhe.
19 Emva kwalokho u-Abrahama wammbela uSara umkakhe emhumeni wasensimini yaseMakaphela phambi kweMamre okuyiHebroni ezweni laseKhanani.