34 Wayesethi: “Ngiyinceku ka-Abrahama.
35 UJehova ubusisile kakhulu inkosi yami, yaze yaba nkulu; uyinike izimvu, nezinkomo, nesiliva, negolide, nezinceku, nezincekukazi, namakamela, nezimbongolo.
36 USara umkankosi yami wayizalela inkosi yami indodana esemdala; kuyona inikele konke enakho.
37 Inkosi yami yangifungisa yathi: ‘Ungathatheli indodana yami umfazi emadodakazini amaKhanani engihlezi ezweni lawo,
38 kepha uye endlini kababa nasezihlotsheni zami, uyithathele khona indodana yami umfazi.’
39 “Ngase ngithi enkosini yami: ‘Mhlawumbe owesifazane akayikungilandela.’
40 “Wathi kimi: ‘UJehova, engihambe ebusweni bakhe, uzakuthuma ingelosi yakhe nawe, aphumelelise indlela yakho; uyakuyithathela indodana yami umfazi ezihlotsheni zami nasendlini kababa.