59 Base bemukisa udadewabo uRebeka, nomzanyana wakhe, nenceku ka-Abrahama, namadoda ayo.
60 Bambusisa uRebeka, bathi kuye:“Dadewethu,yiba wena izinkulungwane zezigidi,inzalo yakho inqobe amasango ezitha zayo.”
61 URebeka wasuka namantombazana akhe; bagibela amakamela, balandela indoda; inceku yamthatha uRebeka, yamuka.
62 Kepha u-Isaka wabuya ngaseBeri Lahayi Royi, ngokuba wayehlala ezweni laseningizimu.
63 U-Isaka waphuma ntambama ukuyozindla endle; waphakamisa amehlo akhe, wabona; bheka, kweza amakamela.
64 NoRebeka waphakamisa amehlo akhe; esembonile u-Isaka wehla ekameleni.
65 Wathi encekwini: “Ngubani le ndoda ehamba endle ukuzosihlangabeza na?”Yathi inceku: “Yinkosi yami,” wayesethatha imvakazi yakhe, wagubuzela.