62 Kepha u-Isaka wabuya ngaseBeri Lahayi Royi, ngokuba wayehlala ezweni laseningizimu.
63 U-Isaka waphuma ntambama ukuyozindla endle; waphakamisa amehlo akhe, wabona; bheka, kweza amakamela.
64 NoRebeka waphakamisa amehlo akhe; esembonile u-Isaka wehla ekameleni.
65 Wathi encekwini: “Ngubani le ndoda ehamba endle ukuzosihlangabeza na?”Yathi inceku: “Yinkosi yami,” wayesethatha imvakazi yakhe, wagubuzela.
66 Inceku yayisimtshela u-Isaka konke ebikwenzile.
67 U-Isaka wamngenisa etendeni likanina uSara, wamthatha uRebeka, wabangumkakhe; wamthanda; u-Isaka wayeseduduzeka emva kokufa kukanina.