23 UJehova wathi kuye:“Esiswini sakho kukhona izizwe ezimbili;izinhlobo ezimbili zabantu ziyakwahlukana ezibilinini zakho;esinye isizwe siyakwahlula esinye,omkhulu akhonze omncane.”
24 Kwathi seziphelele izinsuku zakhe zokubeletha, bheka, kwakukhona amawele esiswini sakhe.
25 Waphuma owokuqala, ebomvana wonke umzimba, enjengengubo yoboya; baqamba igama lakhe ngokuthi u-Esawu.
26 Emva kwalokho kwaphuma umfowabo, isandla sakhe sibambelele esithendeni sika-Esawu; igama lakhe labizwa ngokuthi uJakobe;* u-Isaka wayeneminyaka engamashumi ayisithupha ekuzalweni kwabo.
27 Abafana bakhula; u-Esawu waba yiphisi, umuntu wasendle; uJakobe waba yibeka, ehlala ematendeni.
28 U-Isaka wamthanda u-Esawu, ngokuba wayedla inyama yenyamazane yakhe; uRebeka wamthanda uJakobe.
29 Kwathi uJakobe wapheka ukudla, kwafika u-Esawu evela endle, ediniwe.