13 Lowo muntu waba mkhulu; kwayilokhu eqhubeka ukukhula njalo, waze waba mkhulu kakhulu.
14 Wayenemfuyo yezimvu, nemfuyo yezinkomo, nezinceku eziningi; amaFilisti ayenomhawu ngaye.
15 Yonke imithombo ezaziyimbile izinceku zikayise ezinsukwini zika-Abrahama uyise, amaFilisti ayeyivalile, ayigcwalisa ngomhlabathi.
16 U-Abimeleki wathi ku-Isaka: “Suka kithina, ngokuba unamandla kakhulu kunathi.”
17 U-Isaka wayesesuka khona, wakha esigodini saseGerari, wahlala lapho.
18 U-Isaka wabuye wemba imithombo yamanzi ababeyimbile ezinsukwini zika-Abrahama uyise, ngokuba amaFilisti ayeyivalile emva kokufa kuka-Abrahama; wayibiza ngamagama ayiqamba ngawo uyise.
19 Izinceku zika-Isaka zemba esigodini, zafumana umthombo wamanzi aphethuzayo.