18 UJakobe wavuka ekuseni, walithatha itshe abelibeke phansi kwekhanda lakhe, walimisa laba yinsika, wathela amafutha esihlokweni salo.
19 Waqamba igama laleyo ndawo ngokuthi iBethele; kuqala igama lomuzi laliyiLuze.
20 UJakobe wenza isithembiso, wathi: “Uma uNkulunkulu eyakuba nami, angilondoloze kule ndlela engihamba ngayo, angiphe isinkwa sokudliwa nezingubo zokwembatha,
21 ukuze ngibuyele endlini kababa ngokuthula, khona uJehova uyakuba nguNkulunkulu wami,
22 naleli tshe engilimise libe yinsika liyakuba yindlu kaNkulunkulu, nakukho konke oyakungipha khona ngiyakukunika okweshumi.”