26 Ngiphe omkami nabantwana bami engikusebenzele ngabo, ngihambe, ngokuba uyawazi umsebenzi engikwenzele wona.”
27 ULabani wayesethi kuye: “Ake ngifumane umusa emehlweni akho. Sengibonile ukuthi uJehova ungibusisile ngenxa yakho.”
28 Wathi futhi: “Nquma umvuzo wakho, ngikuphe wona.”
29 Wathi kuye: “Uyazi wena ukuthi ngikukhonze kanjani nokuthi izinkomo zakho zazinjani kimi.
30 Ngokuba kwakukuncane okwakho ngingakafiki; kepha kwandile, sekukuningi; uJehova ukubusisile ezinyathelweni zami; manje ngiyakuyisebenzela nini eyami indlu na?”
31 Wathi: “Ngiyakukuphani na?”Wathi uJakobe: “Awuyikunginika lutho; uma ungenzela lokhu, ngiyakubuye ngaluse umhlambi wakho, ngiwulinde.
32 Namuhla ngiyakudabula emhlambini wakho wonke, ngikhiphe khona zonke ezimanakanaka nezimagqabhagqabha, nazo zonke ezimnyama ezimvini, nezimagqabhagqabha nezimanakanaka ezimbuzini, kube ngumvuzo wami.