35 Ngalowo muhla wakhipha izimpongo ezinemishwe nezimagqabhagqabha, nezimbuzikazi zonke ezimanakanaka nezimagqabhagqabha, zonke ezinokumhlophe, nezimnyama zonke ezimvini, wazinikela esandleni samadodana akhe.
36 Wamisa ibanga lezinsuku ezintathu phakathi kwakhe noJakobe; uJakobe walusa imihlambi eseleyo kaLabani.
37 UJakobe wathatha izinti ezimanzi zompopula* nezomalimondi* nezompelatani,* wazebula imishwe emhlophe, wambula okumhlophe okusezintini.
38 Wazifaka izinti abezebulile emikhombeni nasemiqengqeni yamanzi phambi kwemihlambi, lapho imihlambi iza khona ukuphuza; yamitha ekufikeni kwayo ukuphuza.
39 Imihlambi yamitha phambi kwezinti, imihlambi yazala ezinemishwe, nezimanakanaka, nezimagqabhagqabha.
40 UJakobe wayesahlukanisa amawundlu, wabhekisa ubuso bemihlambi kwezinemishwe nakwezimnyama emhlambini kaLabani; wabeka amaqembu akhe abe wodwa engawafaki emhlambini kaLabani.
41 Kwathi lapho ibiyakumitha imihlambi eqinileyo, uJakobe wabeka izinti phambi kwamehlo emihlambi emiqengqeni ukuba imithe phakathi kwezinti.