40 UJakobe wayesahlukanisa amawundlu, wabhekisa ubuso bemihlambi kwezinemishwe nakwezimnyama emhlambini kaLabani; wabeka amaqembu akhe abe wodwa engawafaki emhlambini kaLabani.
41 Kwathi lapho ibiyakumitha imihlambi eqinileyo, uJakobe wabeka izinti phambi kwamehlo emihlambi emiqengqeni ukuba imithe phakathi kwezinti.
42 Kepha lapho umhlambi wawubuthakathaka, akazifakanga; yathi-ke ebuthakathaka yaba ngekaLabani neqinileyo yaba ngekaJakobe.
43 Yayisikhula kakhulu impela le ndoda, yaba nemihlambi emikhulu, nezincekukazi, nezinceku, namakamela, nezimbongolo.