14 ORaheli noLeya baphendula, bathi kuye: “Sisenesabelo nefa endlini kababa na?
15 Asibalwanga njengabofakazi na? Ngokuba wathengisa ngathi, waqeda intengo yethu.
16 Ngokuba yonke ingcebo uNkulunkulu amamuke yona ubaba ingeyethu neyabantwana bethu; manje konke uNkulunkulu akutshele khona, kwenze.”
17 UJakobe wayesesuka, wakhwelisa amadodana akhe nawomkakhe emakameleni.
18 Wathatha yonke imfuyo yakhe ayizuzileyo, imfuyo yokufuya kwakhe ayizuze ePhadani Aramu ukuba aye ku-Isaka uyise ezweni laseKhanani.
19 ULabani esehambile ukuyogunda izimvu zakhe, uRaheli weba izithixo zikayise.
20 UJakobe wamnyenyela uLabani umAramu engamtshelanga ukuthi uyabaleka.