16 Ngokuba yonke ingcebo uNkulunkulu amamuke yona ubaba ingeyethu neyabantwana bethu; manje konke uNkulunkulu akutshele khona, kwenze.”
17 UJakobe wayesesuka, wakhwelisa amadodana akhe nawomkakhe emakameleni.
18 Wathatha yonke imfuyo yakhe ayizuzileyo, imfuyo yokufuya kwakhe ayizuze ePhadani Aramu ukuba aye ku-Isaka uyise ezweni laseKhanani.
19 ULabani esehambile ukuyogunda izimvu zakhe, uRaheli weba izithixo zikayise.
20 UJakobe wamnyenyela uLabani umAramu engamtshelanga ukuthi uyabaleka.
21 Wayesebaleka nakho konke anakho; wasuka, wawela umfula, waqonda ngasentabeni yakwaGileyadi.
22 Ngosuku lwesithathu uLabani watshelwa ukuthi uJakobe ubalekile.