18 Wathatha yonke imfuyo yakhe ayizuzileyo, imfuyo yokufuya kwakhe ayizuze ePhadani Aramu ukuba aye ku-Isaka uyise ezweni laseKhanani.
19 ULabani esehambile ukuyogunda izimvu zakhe, uRaheli weba izithixo zikayise.
20 UJakobe wamnyenyela uLabani umAramu engamtshelanga ukuthi uyabaleka.
21 Wayesebaleka nakho konke anakho; wasuka, wawela umfula, waqonda ngasentabeni yakwaGileyadi.
22 Ngosuku lwesithathu uLabani watshelwa ukuthi uJakobe ubalekile.
23 Wayesethatha abafowabo, wamlandela ibanga lezinsuku eziyisikhombisa, wamfica entabeni yakwaGileyadi.
24 UNkulunkulu weza kuLabani umAramu ephusheni ebusuku, wathi kuye: “Qaphela ukuba ungakhulumi kuJakobe okuhle noma okubi.”