23 Wayesethatha abafowabo, wamlandela ibanga lezinsuku eziyisikhombisa, wamfica entabeni yakwaGileyadi.
24 UNkulunkulu weza kuLabani umAramu ephusheni ebusuku, wathi kuye: “Qaphela ukuba ungakhulumi kuJakobe okuhle noma okubi.”
25 ULabani wayesemfica uJakobe. UJakobe wayemisile itende lakhe entabeni; uLabani nabafowabo bamisa entabeni yakwaGileyadi.
26 ULabani wathi kuJakobe: “Wenzeni, lokhu unginyenyele, wathatha amadodakazi njengabathunjwa benkemba, na?
27 Ubalekeleni ngasese na? Wanginyenyelelani ungangitshelanga ukuba ngabe ngikuvalelise ngokwenama nangezihlabelelo, ngesigubhu nangehabhu,* na?
28 Awungivumelanga ukuba ngange amadodana ami namadodakazi ami. Untumazele ngalokho.
29 Kusemandleni esandla sami ukwenza okubi kuwe, kepha uNkulunkulu kayihlo ukhulumile kimi ebusuku obudlule, wathi: ‘Qaphela ukuba ungakhulumi kuJakobe okubi noma okuhle.’