31 UJakobe waphendula, wathi kuLabani: “Ngokuba ngesaba ngithi: Funa ungiqhwage amadodakazi akho.
32 Kepha lowo ozakuthola kuye izithixo zakho akayikusinda; qaza phambi kwabafowethu okwakho okukimi, ukuthathe.” Ngokuba uJakobe wayengazi ukuthi uRaheli wayezebile.
33 ULabani wayesengena etendeni likaJakobe, nasetendeni likaLeya, nasetendeni lezincekukazi zombili; akazitholanga. Waphuma etendeni likaLeya, wangena etendeni likaRaheli.
34 URaheli wayezithathe izithixo, wazifaka esihlalweni sekamela, wahlala phezu kwazo. ULabani waphumputha etendeni lonke, kepha akazitholanga.
35 Wathi kuyise: “Mayingathukutheli inkosi yami ukuthi anginakusukuma phambi kwakho, ngokuba indlela yabesifazane ikimi.” Wanyalula, kepha akazitholanga izithixo.
36 UJakobe wathukuthela, wamsola uLabani; uJakobe waphendula, wathi kuLabani: “Yisiphi isiphambeko sami na? Yisiphi isono sami, lokhu ungizingele kangaka, na?
37 Njengalokho usufunisisile kuyo yonke impahla yami, uthole ntoni yezinto zonke zendlu yakho na? Yibeke lapha phambi kwabafowethu nabafowenu ukuba banqume phakathi kwethu sobabili.